Umthetho 108 ka 19960 ngokwesigaba 152 ubophezela uHulumeni wasekhaya ngokuthi u'Hulumeni waseKhaya' kumele 'agqugquzele ukubandanyeka kwemiphakathi nezinhlangano zomphakathi ezindabeni zoHulumeni basekhaya'. Lokhu kwalandelwa umthetho osuphasile woHulumeni basekhaya othi, 'ukwakha uhulumeni wentando yeningi endaweni kuyindima ebalulekile yoHulumeni basekhaya nokuthi omasipala kumele bakhe izindlela nezinkambiso zokulokhu beqhubeka nokubandakanya izakhamuzi, osomabhizinisi kanye namaqembu omphakathi'.
Impahla yokuqeqesha eyamukelekile, engasetshenziswa ekuqeqesheni amakhansela ezigceme namalungu ekomidi lesigceme.
Imihlangano yokufundisana ngomsebenzi eyimpumelelo futhi enokuhlanganyela komphakathi okuphelele.
Amakhansela ezigceme namalungu amakomidi ezigceme aqondayo ngezindima zawo ezahlukahlukene njengamalungu ekomidi.
Ukunikeza amakhansela ezigceme namalungu amakomidi ezigceme amandla okubandakanya umphakathi ekwakhiweni kwezinqubomgomo eziwuthintayo.
Ukwakhiwa kwezindlela zokukala ezamukelekile ukubonakalisa igalelo loqeqesho.
Lomqulu uhlelwe ngendlela efanayo nendlela lelikhasi elihlelwe ngalo.
Lesisithombe sikhomba lokho okubaluleke kakhulu.
Lapho kunikezwe khona imininingwane yokuxhumana, uzobona lesisithombe.
Uzobona lesisithombe lapho kunezibonelo khona.
Lesisithombe sisetshenziswa uma unikezwa amathiphu athe xaxa, amacebo noma imibono.
Isithombe ngasinye simele uhlobo oluhlukile lolwazi.
Umnyango wezoHulumeni baseKhaya neziNdaba zoMdabu.
Imaphi amatemu esiwasebenzisa uma sikhuluma ngomthetho okhishiwe?
Imiphi imithetho ekhishwayo ekhuthaza ukuhlanganyela komphakathi?
Iziphi izindawo ezibalulekile ezidinga ukuhlanganyela komphakathi?
Uquqaba lungahlanganyela kanjani kuHulumeni wasekhaya?
Lapho bentuthuko ngendlela yesimo sokuthi iziphi izidingo zentuthuko, ababandakanyiwe ukuze ukungena kwezindlela okuzoqhutshwa ngazo zikhombe benethuba lokufakela okuyikhona okubalulekile emphakathini.
Kubalulekile kuHulumeni wasekhaya kanye namanxusangoba kusiza bona ukwazi ukuthi badingani ezobamelaePhalamende, nokuthi benza kanjani uma sekufanelebethule. Kunikeza uHulumeni wasekhaya ulwazikwimbandela yaleyondawo, izidingo, izifiso kanye nezimo, futhi nokusiza uHulumeni wasekhaya ukuba akheizinqubomgomo ezinhle.
Umthethosisekelo unikeza ingqikithi yemithetho ehlukene lenaeyenza impilo njengoba sazi ukuthi kungenzeka.
Isiphakamiso esakhelwe phezu kwesisekelo senqubomgomokanye nomthethosisekelo sethule ezinye izidingo noma amalungelo.
Umthetho onegunya noma ukuvunyelwa komthetho kuphezukwesisekelo sesiphakamiso.
Umthetho lowo owenzelwe ukuba namandla kuleyonqubomgomoekhethiwe.
Indlela ekhethiwe yokuthula izindaba.
wamukelwe ngokomthetho ePhalamende. Emva kokungeniswakwezithathiselo ezisuka ebandleni lesifunda nasemva kokuhlala komkhandlu kaHulumeni ube usushicilelwa njengenqubomgomoebizwa ngokuthi umthetho.
Kukhona izicucu eziningi zemithetho ekhishwayo leyo ebekaumgogodla ukuze umphakathi uhlanganyele kuHulumeniwasekhaya.
Bangakhetha ukufinyelela ezidingweni zenhlalakahleenezinga elihle-lokhu kudinga ukuthi lezidingo zibekhona.
Intuthuko futhi ifaka ukwakha ulwazi kubantu nokubanikeza amathuba ukuba basebenzise ukuhlakanipha kwabo.
Kuyini ukulondeka kwentuthuko?
Kugxilisiwe emqondweni kaHulumeni wentuthuko wasekhaya, kuyisidingo leso sokuthi omasipala kufanele bakhe intandoyeningi ehlanganyele kanye nokugqugquzela ukuhlanganakomphakathi. Ukuhlanganyela ngokwentando yeningi kubekauphawu ekuzibandakanyeni komphakathi enqubekeni kaMasipala efanele ukuthuthukiswa kwezindawo zikaMasipala kanyenentuthuko eseyadlula nokuntuleka. Ukuhlanganyela koMphakathinokuthembela entuthukweni kaHulumeni wasekhaya.
Umthetho osuphasile ubuye ubone ukuvuselela amandlaomphakathi njengempumelelo kaHulumeni wasekhaya wentuthuko.
Umthetho osuphasile we Batho Pele uyabeka imigomo yokuhola, ukwenzeka komsebenzi kubasebenzi bomphakathi. Phakathiemigomeni kunomcabango wokubonisana nomphakathi.
Nikela isigaba esifanele semisebenzi kanye namandlaphakathi kwezinhlobo zoMasipala.
Nikeza izinhlelo ezifanele eziphathelene nokuvota.
Uhlobo A Labomasipala abaphathelene nedolobha elikhulu, abanamandla ngaphandle kokubusa nokwenzaimigomo ezindaweni zabo.
Izinqumo zamaqhinga ohlelo eziphathelene nokuhlinzekelaizinsiza zikaMasipala.
Umthetho wokubusa ubonisa ukuthi izinkambiso ezisebenzayo, ukwenza kanye nenqubo kungeke kukwazi ukungenisa khonaincazelo entsha yokuthuthukisa uHulumeni wasekhaya. Ngakhoke lokhu kukhomba ukuthi ukuphathwa kukaMasipala kumeleukuba kwakhiwe futhi kugqugquzelwe ngenkambiso yokunikaamandla oMasipala, ngaphezu kwezinye izinto.
f Enza kubelula ukuhlanganisa nokuqondanisa kanye nokuxhumana phakathi kwezakhiwo zabo zezepolitiki, iziphathimandla zezepolitiki kanye nabaphathi nomphakathi wakuleyondawo.
Umthetho wokusebenza komasipala uqhubeka unqumelamalungelo nemisebenzi elandelayo umphakathi onawokuHulumeni ohlanganyele.
Ukunikeza ukubusa ngentando yeningi kanyenokubophezela kuHulumeni.
Umthetho womasipala wentela yendawo.
Ukuhlinzekela uhlelo lokuphikisa nokudlulisa.
Lena imihlangano esemthethweni ehlelelwe ukuchasiselaokunikiwe.
Amaqembu abhekisisayo noma anothando ebhekene nokwenza imithetho.
Lawa amaqembu abantu abangawona amakhansela abahlanganangokuzoluleka umkhandlu kunoma iluphi udaba olunguphakathiemkhandlwini olwaziwayo.
Lena ijwayele ukusesthenziswa amakhansela ukwazisa uquqabangezinqumo uMasipala azithathile lezo ezingathinta amalungelokanye namathuba abo; futhi/ kanye nokubika ngesimo sezindabazika Masipala.
Ungacabanga ezinye izindlela lapho uquqaba lungazibandakanya ezindaweni zikamasipala?
Bhala uhla lwezindlela lapho abantu esigcemeni sakho bengazibandakanya ezindabeni zikaHulumeni wasekhaya.
Yini ikomidi lesigceme?
Imiphi imithetho nemihlahlandlela ebalulekile emakomidini ezigceme?
Iyiphi indima nemisebenzi yamakomidi ezigceme?
Amalungu ekomidi lesigceme akhethelwa isikhathi esingakanani?
Akhokhelwa kanjani amalungu ekomidi lesigceme?
Umthethosisekelo uqoka ukuthi amalungu omkhandlu kuphelaanokuvota. Abaholi bendabuko bangahlanganyela ezindabenizikaHulumeni wasekhaya ngokufaka imibono, benze izicelo futhibabuze nemibuzo.
Abaholi bendabuko noma labo ababamele kumele nabo bamelwe ekomidini lesigceme.
Umkhandlu kufanele unike isaziso esifanele sokuthi sifisa ukulihlakaza ikomidi.
Nantu uhla lokuhlela lwemithetho nemihlahlandlela ozoyidingaukuze wazi ukuthi kumele wenzeni njengelungu lekomidiyesigceme.
Umthethosisekelo we RepublicyaseMzanzi Africa umthetho 109wango 1996 isahluko 7 isigaba 154- izinjongo zohulumeni basekhaya.
Umthetho wokumelana nenhlekelele 57 ka 2002 . Omasipalabonke kumele babe nohlelo lokumelana nenhlekelele.
Lomsebenzi udidiyelwa njengamanje omasipala besifunda.
Ngesikhathi senhlekelele kujwayele ukuba nokutatazela, ukungakholwa, ukuthuka, ukukhandleka kwengqondo, nokulahlekelwa ukuzithiba. Kubalulekile-ke ukuthi kube nendlela ehlelekile neqondile yokumelana nalesisimo.
Amalungu ekomidi lesigceme kumele athole ulwazi kuqalangemiphakathi yawo ukuze akwazi ukulekelela ngokuphakaabaholi bemikhakha ehlukahlukene nemininingwane yaboemiphakathini yabo ukuze balekelele ngesikhathisenhlekelele.
Bheka isijobelelo 3 okunesibonelo seNqubomgomoyokuhlanganyela komphakathi.
Inqubo okusetshenzelwa phezu kwayo uma uyilungu lekomidilesigceme noma indlela yokuziphatha uma uyikhansela, izokuhlahlela indlela ngemithetho nemitheshwana esebenzaesikhundleni sakho njengelungu lekomidi lesigceme nomaikhansela lesigceme bheka itemplethe.
Ukuba nezwi ekuthatheni izinqumo, ukuhlela kanyenamaprojethi enziwa umkhandlu noma umasipala, anomthelelo kulesosigceme.
Khumbula ukuthi ikhansela lesigceme kumele lilinganise phakathikokulindelwe isigceme elisimele kanye nalokho okulindelweeqembu lalo lapolitiki. Lokhu kwenza ukuthi iqhaza elilithathayolibe elilukhuni. Kubalulekile ukuthi lokhu kuqondakale futhikucace khona kuzobonakala ukuthi iyiphi indlela engconoongabeka ngayo izwi lakho ekomidini. Uma iqhaza lekhanselayesigceme licacile, ungakugwema ukuqhudelana okungenasidingonezinkinga ezingase zibekhona nalowomuntu.
Ikhansela lesigceme liwusihlalo wekomidi lesigceme.
Ikhansela lesigceme libophezekile ukuqiniseka ukuthi uhlalwemihlangano, kubandakanye naleyo yekomidi lesigceme, yezakhamizi naleyo ephuthumayo lwenziwe kahle.
Ikhansela lesigceme lisebenzisana nekomidi lesigcemeukuqiniseka ukuthi lukhona yini uhlelo lonyakalokuzokwenziwa.
Kumele lihlanganyele ngokugcwele kuyo yonke imisebenziyomphakathi lapho ikomidi lesigceme lineqhaza khona.
Ikhansela le PR kumele liyethamele imihlangano yekomidilesigceme yezakhamizi naleyo ephuthumayo.
Amalungu ekomidi lesigceme akhethwa abesigceme ukumelaimibono yabo. Lamalungu adlala indima esemqoka emphakathini.
Ukweluleka ikhansela lesigceme uma kukhonjwa izidingo, nokuhlupha abahlali besigceme, nokudlulisela lokhuemkhandlwini.
Ukusiza ikhansela lesigceme ukutshela umphakathingamalungelo awo.
Ukusebenza njengeqembu nokukhuluma ngazwi linye.
Ukuba nezikhundla ezisemthethweni ekomidini Isib.
Amalungu ekomidi lesigceme kanye namakhanselaayakuthola ukuqeqeshwa?
Impendulo: Yebo. Umasipala wakho kumele anikezelengoqeqesho lokungenisa kuwo wonke amalunguekomidi lesigceme, ubuye usize ukuhlela ukuqeqeshakuhlanganise namakhono okuba unobhala, okubhalaimibiko, okuxazulula izinkinga, obuholi, ukusebenzakukamasipala nesabelo sezimali.
Izinqumo ezithathwa ikomidi lesigcemeziyawubophezela umkhandlu?
Amalungu ekomidi lesigceme ayakhokhelwangomsebenzi wawo.
Impendulo: Cha. Ayikho inkokhelo ngomsebenzi kodwa izindlekoeziqhamukayo njengezokugibela, ukudla nokunye, ziyakhokhwa.
Abe umuntu ophilile engqondweni.
Ukusetshenziswa kwemihlahlandlela enikwe ngenhla ukuthi kwakhiweindlela yokukhomba amaqembu abhekele izidingo ezithize futhikuleyonkambiso amaqembu abhekele izidingo zabesifazanenokumeleka kwaminye imifelandawonye kumele kubonakiliseukuhlanganyela ngokulingana nabesifazane.
Abaholi bendabuko kumele balibambe iqhaza.
Kunezinqubo ezahlukene ezingalandelwa uma kukhethwa amalunguekomidi lesigceme.
Ihhovisi likaSomlomo nekhansela lesigceme banendima abayidlalayolapha. Kuwumsebenzi wekhansela lesigceme ukubiza umhlanganowokukhetha amalungu ekomidi lesigceme. Lomhlangano ubizwangokuthi 'umhlangano wabavoti'. Ihhovisi likaSomlomo ilona eliphathaukhetho ukuqiniseka ukuthi luba oluzimele.
Njengoba sekushiwo ngaphambili amakomidi esigceme angabanamalungu ayishumi. Nantu uhla lwezinto okumele zenziwe umakulungiselwa ukhetho lwamalungu ekomidi lesigceme.
Lisebenzisane nehhovisi likaSomlomo ukunquma usukuolubalungene ukwenza umhlangano wokukhatha amalunguekomidi lesigceme.
Liqiniseke ukuthi izihlalo zilungisiwe ikakhulu uma kunabantuasebebadala.
Litshele wonke umuntu ngosuku, isikhathi, indawo kanyenenhloso yomhlangano. Ucabange ngokubeka izazisoemtapweni wezincwandi, imitholampilo, ezikoleni, kushicilelweizaziso ephepheni lendawo futhi usebenzise iziteshi zomsakazozendawo ukufaka izaziso. Ihhovisi likaSomlomo kufanele likhiphe imali yokwazisa.
Liqiniseke ukuthi liyazazi zinke izinqubo zokhethoezisetshenziswa umasipala walo. Ihhovisi likaSomlomo ilonaelizophatha ukhetho kodwa ikhansela lesigceme nama lunguekomidi kumele babe nolwazi ngenqubo yokhetho.
Lilungise ozotolika uma kunesidingo salokho.
Liqiniseke ukuthi likhona iregista yabathamele umhlanganokuyo yonke imihlangano yezakhamizi futhi nokuthi isayiniwekhona kuzobhekisiswa inqubo yokhetho.
Ukuchazela umhlangano ngendima nemisebenzi yamakomidinamalungu awo.
Ukuchazela bonke abathintekayo ngenqubo yokhetho njengobaumthetho uhlinzekela ngokwezindawo nemikhakhaokungakhethwa kuyona uma kukhethwa amalungu (njengobasekushiwo). Yilowo nalowo masipala kumele uzikhombeleinqubomgomo yawo kuye ngokuthi iqoke yiphi indlelayokukhetha.
Ukucela amagama abazophakamiselwa okukhethwa kanyenalabo abasekelayo.
Ukuqiniseka ukuthi amalungu ekomidi esigceme ayazi ngendimanemisebenzi yawo bese esayina amafomu afanele.
Icebo elingasiza ikhansela lesigceme - biza umhlangano wokuqala wekomidi lesigceme elisha bengakawushiyi umhlangano wezakhamizi.
Kujwayeleke ukuba lukhuni ukuhlela umhlangano onabantu abaningi, ikakhulu uma kuzomele uthinte bonke ngocingo abantu bonke ngamunye.
Ikhona yini inqubo zokugcwalisa izikhala ekomidinilesigceme?
Impendulo: Yebo. Inqubo iyehluka kuya ngenhlobo yesikhala.
Zikhona yini izimeko lapho ilungu lekomidi lesigcemelingasuswa ekomidini?
Kwenzekani uma ilungu lekomidi lesigceme lisukaliyohlala kwesinye isigceme?
Impendulo: ilungu kumele lisule noma lishiye ngoba kumele libeumvoti obhalisile kuleso sigceme ukuze likwazi ukubasekomidini laleso sigceme.
Lenqubo ingaletha izinkinga ezinkulu ngoba kulukhuni ukuqinisekaukuthi ilabo bavoti abafanelekile abavotile. Ukubala izandla nako kungaphikiswa. Kubalulekile ukuthi lenqubo ichazelwe futhiivunywe yiwo wonke umuntu okhona. Kumele kube nezindlelaezanele zokuhlola ukuqinisekisa ukuthi kungenzeki ukungahambisingendlela. Ukubalwa kwamavoti kumelwe kwenziwe okungenaniabantu ababili.
Omasipala abaningi basebenzisa lenqubo. Ngobaukusebenzisa indlela yokhetho egcwele kuyabizafuthi kuthatha isikhathi eside.
Lokhu kuzofuna inqubo emile eholela okhethweni, kufakwenokushicilela amaphepha okuvota, kungaamabhalothi nokunye.
Kuyaphakanyiswa ukuthi ilungu kumele lisebenze ekomidiniiminyaka engadluli kwemithathu. Lokhu kuzosiza ukwenzaukuqhubeka komsebenzi kodwa khona lapho kube kuvumelaukungena kwemiqondo emisha nokwakheka kwabantu abaningiemphakathini ngesikhathi sokhetho loHulumeni basekhaya.
Umkhandlu uzonquma ukuthi ubulungu kuqala nini buphele nini.
Kumele kubhekelwe nezindleko zokuthuthukisa nokuqeqeshaamalungu ekomidi.
Iziphi izinqinamba ezikhona esigcemeni sakho ezingavimbaikomidi lesigceme ukuthi lisebenze ngendlela eyiyo.
Ukuzinikela kwamakhansela (ingabe amakhanselaazinikeleyo ekuboneni ikomidi lesigceme lisebenza)?
Ukuze kusebenzeke kahle?
Ezobulili ungabe abesifazane bameleke ngokulinganayo?
Yini ocabanga ukuthi ingenziwa ikomidi lesigceme sakhongalezizinkinga?
Iyiphi indima edlalwa imikhakha emithathu kahulumeni?
Ukuxhumana kweminyango kaHulumeni kuyikhuphula kanjani intuthuko yomphakathi?
Ubandlululo emzansi Africa lwashiya izimpawu zalo kuyoyonkeimikhakha kaHulumeni ikakhulukazi leyo yoHulumeni basekhaya.
Inqubo yenguquko obandlululweni kuHulumeni wasekhayawentuthuko idinga ukuzimisela, ukuzinikela nokuzidela kubobonkeabaphathiswa ababalulekile ikakhulu abaphuma emphakathini, kwezamabhizinisi nakosopolitiki.
d Ihloniphe izikhundla, izinhlangano, amandla nemisebenzi kaHulumeni kwezinye izindawo.
Ukugwema ukumangalelana kwezomthetho.
Ake sibheke izindima nemisebenzi yemikhakha emithathukaHulumeni nokuthi ingayikhuthaza kanjani intuthuko yomphakathi.
Imithetho nezinqubomgomo ivunywa amalungu esishayamthethosikazwelonke kanye nesigungu sikazwelonke sesifundazwe(NCOP). Isishayamthetho sikazwelonke sakhiwe amalunguephalamende, akhethwa njalo emuva kweminyaka emihlanu.
Isigungu sikazwelonke sezifundazwe sakhiwa abameleizishayamthetho zezifundazwe noHulumeni basekhaya.
Yonke iminya ngo ilungisa isabelo sezimali somsebenzi wawo.
Lezabelo zifakwa ndawonye esabelweni sika zwelonke umnyongooqondene nezezimali futhi kumele ivunywe iphalamende.
UHulumeni kazwelonke kumele aqikelele ukuthi kube khonaukufanisana nokuvumelana phakathi kwayo yomiththu imikhakhakahulumeni. Kumele akhe umhlahlandlela, wokuqapha nokubhekala amaphutha lapho ohulumeni bezifundazwe nabasekhayabengenza khona imisebenzi yabo.
Izifundazwe zinezimo nezinselelo ezahlukene ezibhekene nazo emsebenzini wazo wokusekela omasipala abangaphansi kwabo.
Isishayamthetho sibuye sidlulise isabelo sezimalli njalo ngonyaka.
Izishayamthetho zikhethwa ngokhetho lwezifundazwe olubakhona umakukhethwa uhulumeni kazwelonke njalo emiva kweminyaka emihlanu.
UNdunankulu ukhethwa isishayamthetho bese yena eqoka abaphathiswaukuba izinhloko zepolitiki kulowo nalowomnyango wesifundazwe.
Ibuye ibophezeleke ukuqinisa ukuthi izinhlelo zomasipala nezesabelosezimali kunikeze ngokushesha izidingo zomphakathi futhi kukhuphuleintuthuko yezenhlalakahle nezomnotho zomphakathi njengoba kufunekaesigabeni 153 somthethosisekelo (ukusungula imisebenzi yomasipala).
Izifundazwe zinendima ebucayi yokwakha amandla omasipala okuphathaezezimali nokungenela uma kunesidingo ukuze kuqiniseke ubuqothokwezezimali.
Ukubuyisela umasipala esimweni esiphilayo kwezezimali nomaukuqiniseka ukuthi kukhona ukusimama kwezezimali.
Ukugwema inkohlakalo nokuphatha budedengu.
Izakhamuzi nemiphakathi bakhathazekile ngezindawo abahlala kuzo, bakhathazeka ukufinyelelela ezinkonzweni, nasemathubeni ezomnotho, amandla okuhamba, ezokuphepha, ukungabibikho kokungcolisanokucinana, ukusondelana nezizinda zezenhlalakahle/ezemidlalonokunye.
Wonke umzansi Africa uhlukaniswe waba omasipala bezindawo.
Kulowo nalowo masipala kuneziphathimandla nabasebenzi bakamasipala abenza umsebenzi kamasipala. Umkhandlu wakhiwengamalungu akhethiwe okuyiwona amukela avume izinqubomgomonemithetho yomasipala endaweni yawo. Umkhandlu kumele udluliseisabelo sezimali sika Masipala minyaka yonke. Kumele futhi banqumengezinhlelo zentuthuko nokwethulwa kwezinsiza komasipala babo.
Umsebenzi womkhandlu uhlanganiswa usodolobhu (meya) okhethiweumkhandlu. Usodolobha usizwa ikomidi elikhulu noma ikomidi lemeyaelakhethwa ngamakhansela. Imeya nekomidi lemeya libuye lingameleumsebenzi wemenenja kamasipala nezinhloko zeminyango.
Izindawo zasemadolobheni kufanele zakhe izindawo okuhlalwa phakathi kwazo, ukusiza ukuhlanganyela kulawomaqembuayengenemathuba ngokwezenhlalo nezomnotho wedolobha. Kufaneleubuye uphakamise ukuqinisa ukuhlanganisa ukusebenza namakhonoaxubile. kumele bahlele futhi babhekelele ukuhlangabezana nezimoezikhona nezizayo zokusebenzisa izindawo nezidingo zokuthuthukisaizinqalasizinda zezindawo zokuhlala, zezohwebo, nezemisebenzi.
Izindawo zamadolobha amakhulu zidinga ukucabangela nokuhlinzekelaizidingo zenani labantu elikhula ngesivinini esikhulu.
Ukuqhubekisa intuthuko yezomnotho yendawoUHulumeni wasekhaya angadlala indima ebalulekile ukukhuthazaukunikezela ngemisebenzi nokukhuphula ezomnotho zendawo.
Ukubhekelela izidingo ezinqala ngokuletha izinsiza ezisezingenieliphezulu, ezibiza kahle, futhi nokwakha indawo ibe indawo emnandiyokuhlala nokusebenza kungaba isiqalo esibalulekile.
UHulumeni wasekhaya kumele aphinde abuyekeze izinqubomgomoezikhona nezinkambiso ukukhuphukisa intuthuko yendawo kwezomnothofuthi ahlolisise icebo lawo lokuletha izinsiza zezomnotho.
Ukuhlinzeka umphakathi ngamandla nokusebenzisa amafa endawo.
Obunye bobuqatha bohlelo lwentuthuko oludidiyelwe ukuthiluqhakambisa ukuxhumana phakathi kwentuthuko, ukunikezela nentandoyeningi. Ukwakha intando yeningi ekuhlaleni kuyiqhaza elibalulekilelohulumeni basekhaya.
zokuxhumana njalo nezakhamuzi, amabhizinisi namaqembu omphakathi.
Kulindeleke ukuthi omasipala bakhulise ukwethulwa kwezinsizangaphakathi kwesimo samafa akhona. Nakuba ukuqeqesheka kungabaenye yezindlela zokuthola lokhu, enye, eyokusebenzisa lowomnothoongeziwe esabelweni sezimali kudlulwe nezigaba ezizimele, imiphakathi, izinhlangano zabaxhasi bomhlaba, ukukhuthaza intuthuko yemisebenziekhishiwe eqalwe uhulumeni wasekhaya, imiphakathi kanye nezigabaezizimele kodwa ezingaxhasiwe uhulumeni wasekhaya.
Bheka isijobelelo 7 ukuthola imininingwane yokuxhumana neminyangoehlukahlukene yesifundazwe.
Lemikhakha ehlukene oyibhale ngenhla isebenza yodwa nomaisebenza neminye imikhakha kaHulumeni?
Ukusizana komasipala bebodwa nakho kubalulekile.
Umthethosisekelo uyabavumela omasipala ukuthi bakhe izinhlobozezinhlangano zomasipala.
Emoyeni wokubusa ngokubambisana, uHulumeni kazwelonkenowesifundazwe kufanele asekele futhi baphakamise indimayentuthuko yohulumeni basekhaya.
Yini umgogodla wezomthetho wokuthuthukiswa kwamandla?
Yini ukuthuthukiswa kwamandla?
Kungani amakomidi ezigceme edinga ukuthuthukiswa kwamandla?
Yini umasipala angayenza ukuthuthisa amandla amakomidi ezigceme?
Umthethosisekelo ubeka impoqo kuHulumeniukudlala indima ekwakheni amandla kaHulumeni wasekhaya.
sekele futhi baqinise amandla omasipala bakwazi ukuphathaizindaba zabo, basebenzise amandla abo bese benza nemisebenzi yabo.
ukwenza imisebenzi yabo bese besebenzisa amandla abo laphoamandla engenele khona.
Ukuqhubeka la, umthetho wezakhiwo zikamasipala ubeke futhiisibophezelo kumasipala wesigodi ngamunye sokwakha.
amandla okusebenza komasipala basekhaya endaweni yaboyokwenza imisebenzi yabo kanye nokusebenzisa amandla abolapho kushoda khona amandla okusebenza.
eminyangweni kazwelonke kanye nesifundazwe soHulumenibasekhaya kanye nomasipala besifunda.
ukuphatha noma ngabe imuphi umkhakha kaHulumeni, izinhlaka zombuso, ne misebenzi ehlongozwayo yomphakathi kufanele inamathele emigomweni yokuphatha komphakathi.
Umthethosisekelo ukubeka kucace ukuthi zonke izikhundla zikaHulumeni nazozonke izinhlaka ngaphandle kwesisebenzi sezomthetho banomsebenzi wokwandisa amandla kaHulumeni wasekhaya nesikhundla sikaHulumeni esisesimweni sokugcina izimpilo zabantu baseNingizimu Africa ngokunikezela ngezinsiza ezifanelekile.
Ngokomthethosisekelo omasipala abathuthukayo ilabo ababonakala benamandla okubusa izindaba zoHulumeni basekhaya baleyomiphakathi bezisusele ngokwabo, bengabanjiwe yilutho kodwa besekelwe ngendlela enqala yobudlelwano phakathi koHulumeni, noHulumeni kazwelonke nowesifundazwe.
Amandla angabonakala njengento engenzeka.
Amandla angabuye asho amandla omuntu, amandla enhlangano kanye namandla ezendawo.
Lawo ngamandla atholakala enhlanganweni ethile. Afaka amafaabantu (amandla omuntu) kodwa futhi ifaka ubuholi obunamacebookuphatha, injongo yenhlangano, ukukhanyiswa kwendlela, ukukhumbula ngenhlangano, ukuzethemba ngaphakathi, ukuhlanganyela, ubudlelwano boHulumeni, izinhlelo zamafa izakhiwo, izinkambiso, isikompilo, namandla ezomnotho.
Lokhu akusho ukuthi omasipala bangeke balinganiswa noma ukuthiezinye izidingo zamandla ngeke zaphathelana nohlobo lonke, kushoukuthi omasipala kumele baqhathaniswe nezindlela ezifanelekile.
Ukuzimisela ekukhuliseni amandla.
Lelibhukwana libuka lijule emandleni ewonke kaHulumeni wasekhaya.
Badinga ukuqonda ngezindima abazidlalayo kanye nezibophoekubaqiniseni.
Ukuzibandakanya komphakathi ekubuseni kufanele kwakhiwe bese kuqiniswa.
Yenza uhlu lwezinto ongazicabanga.
Ukuthi uhlelo lokuthuthukisa amandla nokuqeqeshwa kumelelwakhelwe umuntu nomuntu wekomidi lesigceme.
Isabelo sezimali sonyaka sohlelo lokuthuthukisa amandlanoqeqesho kumele silungiswe ngokohlaziyo lwezidingo..
Izinqubo zemihlangano, yobumbano efaka, ukuthathwakwamaminithi, ukubhala umbiko, kanye nokubhala icwadi.
Ukuphatha okufaka amakhono omsebenzi wobubhalane, amakhono okuphatha, ukuphathwa kwamabhuku, ezokubalwakwezezimali.
Ngabe lokhu kuyazenelisa izidingo zakho zokuqeqeshwa?
Uma kungenjalo, bhala ukuthi yikuphi okunye ocabanga ukuthiwena noma amalungu ekomidi adinga ukuqeqeshwa kukhona.
Kuyithuba futhi lokuthi nazane khonanizokwazi ukuqala ukwakha ithimu ebukhali.
Ukwenza isabelo sonyaka sokuthuthukisa amandla kanyenohlelo lokuqeqesha okuhambisana nokuhlolwa kwezidingoolwenziwe.
Yakha isiko lokunikezana ngamakhono- khuthaza amkhanselaesigceme ukunikeza ngamakhono abawathole ekuqeqesheninoma/ kanye nolwazi kwamanye amalungu ekomidi lesigceme.
Iyini inqubomgomo yomphakathi?
Izinqubomgomo zibhekene nemicimbi ezokwenzeka esikhathiniesiphambili lokho kususelwa emicimbini yamanje neyakudala.
Ukwakhiwa kwenqubomgomo kaHulumeni wasekhayakuwumphumela kwezinhlelo zokuhlela ezithathwe umasipala.
Isakhiwo sokuphatha omabhuku nokubekwa kwabasebenzi.
Umkhandlu kumele futhi ukhombise ukuthi imaphi amafa angalethwa ukuzosiza leziziphathimandla ekwenzeni imisebenzi yazo.
Iyini imisuka yenqubomgomo yomphakathi?
Umjikelezo wokwakhiwa kwenqubomgomo uqala ngokukhonjwakanye/noma ukulangazelela udaba oluthize olubikezela isidingozokucabanga ukwenza okuthile.
Umthethosisekelo udinga ukuthi yonke imikhakha kaHulumeniyenze imisebenzi yayo ngokulawulwa okuvunyelwe isigaba 41.
Yonke imikhakha kaHulumeni itshelwa ukuthi mayisebenzisanengokubambisana ngokwethembana nagobuqotho ngokusizana nokusekelana, itshelane, ibuzane ngezindaba ezithinta yonkefuthi bahlanganise izenzo zabo.
ICAO nezinhlangano zemisebenzi zehlabathi ekwakhiwenikwenqubomgombo imikhandlu kamasipala, esikhathini esiningiingeke ize ngqo. Lapho uHulumeni wethu kazwelonke ubonakufanele ukwamukele imithetho ebekwe amaqembu ehlabathi, nemithetho iyosebenza bese iba nomthetho emikhandlwini yomasipala ngoba ikhona emthethweni kazweloke.
a Khomba umsebenzi ngokomthetho womkhandlu ukwamukela inqubomgomo enjalo.
Umkhandlu ngeke wamukele inqubomgomo ukuphendula izidingozomuntu oyedwa kodwa imifakela eyenziwe umuntu oyedwaingakhombisa izidingo zabantu abaningi emphakathini, kungakho kungafanele ishaywe indiva.
Amaphephandaba nabanye bezindaba: indima yamaphephandaba nabezindaba ekwakhiweni kwenqubomgomoakumele ibukelwe phansi. Amqembu azimele ajwayele ukulawulaamaphephandaba nezindaba. Imibono yalamaqembu neminye imibono ephikisanayo iyavela lokhu bese kwenza umkhandlukamasipala ubone izidingo bese uyazibheka futhi lezizidingo.
Umkhandlu akufanele uvume nje imibono evela ezindabeninjengeqiniso kuze kube ukuthi usuzenzele ngokwawo uphenyolokuqinisekisa amaqiniso futhi uthole ukuthi lemibono iyiyo ngempela na.
Ukuthintana nabanye omasipala asebenayo inqubomgomo.
Abazimele abakhuluma ngezindaba zokuqasha nezinye izindaba namanyunyana.
Imihlangano yokubonisana nomfela ndawonye uma ikhona.
Uhlelo lokuqala umsebenzi kubekwe izinsuku ezihleliwenjll.
Ucezu olubalulekile ekwakheni kwenqubomgomoukumbandakanywa kwabo bonke abathintekayo ohlelweni.
Umphakathi ungaletha futhi amacebo, iziyalo nezikhalongokubhala noma ngomlomo emkhandlwini kamasipala futhibangafuna ngekani impendulo esheshayo kulokhu. Amakomidi ezigceme kumele asebenzise futhi uhlelo lwe IDP isiza ukuqinisaintando yeningi bese kuba noshintsho lwezikhungo ngoba izinqumozithethwa ngentando yeningi futhi ngendlela enganamfihlo, kuzokuba zithathwe abantu abathile abancane.
Umasipala angaqikelela kanjani ukuthi izinsiza azinikezayo ziyalondeka futhi zingakhokheleka kalula?
Ubani okubhekeke ukuthi anikeze izinsiza?
Yiziphi izinto okufanele ziqikekelwe ngaphambi kokucabanga ukuthi yiluphi uhlelo lwezinsiza olunguthathwa?
Yini indima edlalwa umasipala ekunikezeleni ngezinsiza?
Yini indima yamakomidi ezigceme ekunikezelweni kwezinsiza?
Yimiphi imithetho elawula umasipala ekunikezelweni kwezinsiza?
Ngenxa yemiphumela loHulumeni basekhaya olwenzeka ngomhlaka5 Desemba 2000, omasipala eningizimu Africa yonke bebesohlelwenilokuguqula ohulumeni basekhaya ukuze baqiniseke ukuthi babhekelelaizidingo zemiphakathi abayisebenzelayo.
Isibophezelo komasipala ekuhambiseni izinsiza emiphakathiniabayimele itholakala kumthetho sisekelo nasemthethweni ephumakumthetho sisekelo.
b Ukuqikelela ukunikezela kwezinsiza emiphakathini ngendlelaezizobondla isikhathi eside.
Ukwethulwa kwemisebenzi kodwa-ke akulula ngaphandle kwemalieyanele kanye necebo lokuhlela owunamandla ukuze kube nesikalosenanini lemali eqongelelwe izindleko, ukuqhuba umsebenzisi, ukukhanda kanye nemali etholakalayo ebuyayo.
Imisebenzi yomphakathi kahulumeni wasekhayaidinga ukuthi abasebenzi bakamasipala bakhe besebegcina izinqalasizinda njengemigwaqo, amanzi, nokunikezela, nokushabalaliswa kwamandla kagesi.
Kwezinye izindawo umkhandlu yiwona okubhekweukuthi unikezele ngogesi. Eminye imikhandlu ithengaugesi kwabanikezela ngobuningi bese bewudluliselaemiphakathini yawo. Ukudayisa ngogesi iwonamthombo wokungenisa imali komasipala basekhaya.
Omasipala kumele babhekele ukuthuthwa kwendle yabantu. UHulumeniwasekhaya wakha ebese egcina amapayipi endle ahlukanise amanziezikhukhula nokungcola bese ewahlanza amanzi angcolile.
Izinsiza zomphakathi zifaka izinhlelo zokuqwashisa umphakathiezintweni ezifana nobugebengu, ingculazi, ukubhema uhlelo lwemfundoyabadala, kanye nokwakhiwa kwezikhungo zomphakathi, imitholampilo, izinkulisa nezikole zojahidada, lezizinto zibalulekilekwezenhlalakahle yomphakathi. Ziningi izindlela zokuhlela lemisebenzi.
UHulumeni wasekhaya angaba negunya lukuhlela nokuphatha izindlelazokuthola imixhaso / usizo lwezemali kodwa lomsebenzi udidiyelwaezingeni lesiFundazwe. Kodwa-ke, Uhulumeni wasekhaya angasekelaizinsiza zomphakathi ezisemphakathini noma ezenziwa umphakathi.
Kwezinye izindawo ikakhulukazi ezindaweni zasemadolobheni, oHulumeni basekhaya baxhasa ukuhanjiswa kwezinsizaezinhlobonhlobo zamasiko. Ukuthi lezizinsiza zamasiko zihlelwa kanjani bese zihanjiswa kanjani kuhluke ngomasipala kodwaokujwayelekile ukuthi izinqinamba zezezimali ezibhekene noHulumenibasekhaya ziyabaphoqa ukuba benze / badale amaqhinga okunikezelabaqinise izinsiza zamasiko.
UHulumeni wasekhaya futhi ubhekeke ukuthi aqikelele ukuthiukuxhumana emigwaqeni phakathi kwezindawo ezahlukahlukenekuhleleke ngokucabanga nokuthi izindlela ezahlukene zokuthuthaziyacatshangelwa. Indlela ephusile yokuphathwa kwezokuthuthaibalulekile ukuze kuqiniseke ukuphepha kwabagibeli nokuphathwakwezokuthutha kubalulekile ekuphephiseni abagibeli namathubaamabhizinisi akhulayo.
Lempoqo ifaka ukubhekela ukungalingani kwakudala (okwadalwaubandlululo) futhi kufanele iqiniseke ukufinyelela okungenaniemisebenzini ngendlela engabizi kakhulu. Kuloyo okwenzelwa yenangalesosikhathi futhi omasipala kufanele baqikelele ukuthi izinsizaziyokondla abantu isikhathi eside.
Izinyathelo ezingathathwa omasipala ukuqikelela ukuthi izinsizaziyabondla abantu isikhathi eside futhi ziyenzeka.
Umasipala yiwona mkhakha kaHulumeni oseduze nabantu, bakhethweabantu ukubamela ngakho kufanele babone ukuthi izinsiza ziyahanjiswaemphakathini. enye indlela umasipala angenza ngayo ukunikezaizinsiza yena uqobo ngokusebenzisa imali yabo, abasebenzi, nemishini.
Ukuhlela ezezimali ukuze umkhandlu ukwazi ukuthola ukuthi ungakhokha kangcono kanjani ukhokhele ukuba ngconokwezinsiza nokwandisa nowokuthi ungayithola kanjani iqophelolomsebenzi olingana nemali yabo.
Lendlela ingabuye ibize uma ngabe umasipala enesizinda semaliencane namanye amafa.
Ukunikeza umsebenzi wokusebenza ngaphansi komunye nomangegxenye yomsebenzi enye indlela engcono yokwehlisa izindlela.
Ikakhulukazi ezintweni ezidinga imali eningi.
Lena indlela ethatha isikhathi eside. Kulokhu umasipala ungenaesivumelwanene esiyiminyaka ewu 20 kuya ku 30 nenkampani ezimeleukuzalisa nokubheka umsebenzi wonke. Isibonelo okuyiso kungabaukwakha nokusebenzisa indawo lapho kuchithwa khona indlelaezosebenzela indawo ethile imele umasipala.
Okuyikhona okubalulekile okufanele kuqikelelwe yizinga lomsebenziozobe wenziwa.
Kuwumsebenzi wekomidi lesigceme ukuthola ukuthi umphakathiuthini ngemisebenzi eyisidingo endaweni yabo nokuthi iziphiizidingo eziqondene nabo.
Omasipala kufanele bahlaziye ukuthi yini isilinganiso sabosentengo yemisebenzi eyisidingo yamahhala, yiziphi izabeloabazitholayo nanokuthi yisiphi isizinda sangaphakathi samafaabo. Lokhu kuzobasiza ekubatsheleni ukuthi yikuphiabangakwenza nanokuthi iyiphi indlela engcono yokwenza lokhu.
Omasipala kudingeka benze lokhu ukuqiniseka ukuthi imiphakathiyabo ithola izinsiza ngokwanele.
Thola izidingo zamakhasimende kanye nokubaluleka kwayo.
Ukunikeza kuthinta izinqumo ngamafa ngakho-ke kubalulekileukuzwa uvo lomphakathi ikakhulukazi kulabo abekade bencishiweukuthola amathuba emisebenzi kanye nabantu abangathulakunzima ukuphumela obala bazikhulumele. Izindlela ezifanelekilezokuqoqa ulwazi kufanele zisetshenziswe njegokuthi -ukuzigcwalisela amaphepha anemibuzo angeke kulunge umakubuzwa abantu abangafundile ngezidingo zabo.
Thola isizinda sezinsiza ezenziwayoThola ulwazi ngezinga lemisebenzi eyenziwayo ukuze wazi ukuthiukunizekezelwa kwemisebenzi kungenziwa njani ngcono.
Yimiphi imisebenzi enikezelwayo, kuziphi izindawo futhiiziphi izindawo ezintenga-ntengayo emisebenzini eyanele.
Bama isikhathi esingakanani abantu ngaphambi kokuthibabonwe.
Kuthatha isikhathi esingakanani ukwenza amalayisensi.
Ngabe ulwazi lubhalwe ngolimi olwaziwa abantu.
Thola izikhala zokwenza ngconoKuyohlala kenesikhala phakathi kwezinsiza ezenziwayo kanyenalezo ezifunwa abantu. Okubalulekile ukuvala igebe-ngamafa amancane.
Izimali kufanele zitholakale noma zabiwe kabusha uma zingasetshenziswa ngendlela, ukuqikelela ukuthi izingalomsebenzi kufinyelelwe kulo.
Nokwenza iminqumo yokuhlola ukusebenza ekunikezelweningemisebenzi.
Imithetho yokunikeza izinsiza.
Izinsiza ebantwini kufanele zisuselwe emthethweni wokunizela ngezinsiza.
Ukubandakanya umphakathi ekutholeni izidingo zawolokhu kusho ukuthi umasipala uyahlonipha ukuqhubekakwentando yeningi bese inyanzeleka ebantwini bamasipalaokuleyondawo.
Ukuqikelela ukuthi ukwabiwa kwamafa kuzozonkeizikhundla zikahulumeni kuyalingana futhi kulungile.
Ukukhuthaza izindlela zokuphatha ezakhayo ezidalaimpumelelo enhle emphakathini.
Kufanele kuxoxiswane nabantu mayelana nezizinga nohlobolwezinsiza zomphakathi ozitholayo futhi uma kwenzeka banikezweithuba lokubheka izinsiza ezinikezwayo.
Abantu kufanele batshelwe mayelana nezinga lezinsiza abazozithola ukuze bazi ukuthi kufanele balindeleni.
Abantu kufanele bafinyelele ngokulinganayo ezinkonzweni.
Abantu kufanele baphathwe ngenhlonipho nangokucatshangelwa.
Abantu kufanele banikezwe ulwazi olugcwele oluqondile mayelana nezinsiza zomphakathi okufanele bazithole.
Ukuvuleleka nokuphumela obala.
Abantu kufanele batshelwe ukuthi amandla ezweni lonke, ezifundeni, nomphakathi uphathwe kanjani, kubiza malini nanokuthi ubani ophethe.
Uma ngabe izinga lezinsiza elithenjisiwe lingakhishwanga kufanele kuxoliswe kubantu, banikezwe incazelo egcwele nesithombululo esisheshayo nesiphusile futhi uma abantu bekhonondile, kufanele bathole impendulo enozwelo, enomphumela omuhle.
Izinsiza zomphakathi kufanele zinikezwe ngokonga nangobuciko ukuze kunikezwe abantu okuyikhona okulingene nemali.
Kuyini ukuhlanganyelwa kwezinsiza zikaMasipala?
Kungani kunesidingo sukohlanganyela izinsiza zikaMasipala?
Iziphi izindlela noma izinhlobo zokuhlanganyelwa kwezinsiza zikaMasipala?
Lusebenza kanjani uhlelo loku ukuhlanganyelwa kwezinsiza zikaMasipala?
Umphakathi ubandakenya kanjani ohlelweni lokuhlanganyela kwezinsiza zikaMasipala?
Umthethosisekelo uthi oMasipala banomgomo wokuqinisekisaukuthi bonke abantu bendawo banikiwe izinsiza zokwanelisa izidingo zabo ezinqala (njengamanzi, ugesi ukwakha nokugcinaizakhiwo njll.) Noma ngabe uMasipala uyaziletha noma ngabeakazilethi izinsiza noma ukhetha ukungena esivumelwaneninenkampani ezimele, umsebenzi usahleli phezu kwamahlombeakhe.
Kunezinhlobo ezahlukahlukene lapho umasipala angaletha ngazoizinsiza. Omasipala abakhudlwana banokuletha izinsizangokwabo kodwa omasipala bazodinga ukuthola izindlelaezifanelekile ezixubile zokuletha izinsiza. Amathuba okukhetha izindlela zokuletha izinsiza kumele alawulwe ngezindlela ezicacileezibekiwe njengenani, isimo, kanye nezinjongo zesimo sezomnothosendawo zikamasipala.
isophe ukunika uhlaka olucacile lokuqoqa nokuthatha izinqalasizinda zezinhlangano zomphakathi, CBOs, NGOs, nezizimele ekuphokopheleni ukuhlangabezana nezinjongozentuthuko yezwe lonke.
kuyisivumelwano phakathi kukamasipala nenkampani yemisebenziezimele. Inkampani yemisebenzi ezimele ingaba abaphetheamandla omphakathi (njengebhodi lamanzi noma umasipalawesifunda), inkampani ezimele, inhlangano engeyona ekahulumeni(NGO), inhlangano yomphakathi(CBO).
Ikhono elikhulu lichaza ukuthi ngokubanakalayo imisebenzieminingi ingenziwa ngemali esesabelweni sezimali somkhandluemisiwe. I-MSP ibuye ivumele imikhandlu yomasipala ukuthiyehlise izindleko zokuboleka imishini, ukukweleta, izintengo, nezinhlelo zokunikwa amalayisense ngemishini.
Isivumelwano esibhaliwe phakathi kukamasipala nenkampaniezimele yangaphandle kungathatha izindlela eziningi. Nomangabe iyiphi indlela umasipala ayikhethayo, kumele njalo ibesemgqeni nezinjongo zokuphakamisa izinga lemisebenzi, kuzekudlulele ebantwini bendawo abengenayo lemisebenzi futhiinikwe ngenani elamukelekayo.
Isivumelwano esibhaliwe sasayinelwa somsebenzi siyisivumelwanophakathi kukamasipala nenkampani ezimele ukwenza leyongxenyeyomsebenzi kamasipala ngesikhathi esifushane esikaliwe (unyakanoma iminyaka emibili). Umasipala isabelo sezimali ibhajethibese elusa umsebenzi wenkampani ezimele ukuqinisekisa ukuthiinkampani ingeyohlobo oluhle futhi yenza umsebenzingokulawulwa isabelo sezimali.
Isibonelo: Isivumelwano sokukhanda nokugcina amathuluzikamasipala.
Ukukhipha izinkontileka kuphumelela uma omasipala becacisilefuthi bebeke ngqo ukuthi uhlobo luni lomsebenzi abalufunaenkampanini, futhi babe nezindlela zokuphatha isimo sethendanentuthuko yesivumelwano kanye nokwalusa ngendlela eqinisekisaukuthi izinhloso zikamasipala zigciniwe yini.
Isibonelo: isivumelwano sokuphatha ukuthuthwa kukadoti, laphoinkampani ezimele inesibopho sokuphatha uhlelo lokuthuthaudoti ibe isebenzise izisebenzi namathuluzi kamasipala.
Ngaphansi kwesivumelwano sezimvume inkampani ezimeleithatha ukuphatha, ukwenza, ukukhanda nokubhekelelakomsebenzi othize. Inkampani kulindeleke ukuthi ifake isambasemali ezinkulu ukwandisa nokuthuthukisa umsebenzi.
Isibonelo: Inkampani ezimele kungadingeka ukuthi yakhe uhlaolusha lokulethela indawo amanzi.
Yakha-sebenza-nikezela (inkontileka yakha impahla), iyisebenze okwesikhathi esithize bese inikezela kumasipala.
Encintisanayo, engabandlululi, esobala, elingene futhi eyongayo.
Anike zonke izinkampani ezizimele ezinesifiso ithubaelilingene ukuthola ulwazi olufanele ukuze zifake izicelo.
Anciphise amathuba okukhwabanisa nenkohlakalo.
Emuva kokuthi isikhethiwe inkampani ezimele, umasipala kumeleesisekelweni semiqulu yokufaka isicelo, kanye nokunye okufakiwe, izijobelelo noma izichibiyelo ebezinikwe zonke izinkampaniezifake isicelo bese idlulisela imikhawulo nezimiselo zokugcinazesivumelwano sokwenza umsebenzi kuleyonkampani esikhethiwe, uma sekuphumelele lokhu bese ungena esivumelwaneninaleyonkampani ekhethiwe ngezimiso ezibekwe emiqulwiniyokufaka isicelo.
Incazelo ngamalungelo nezibopho zamacala omabili..
isibonelo, enkontilekeni yokuthutha imigqomo kadoti, inkampani ezimele kungafanele ibe nezala zikadotiezindaweni ezikhonjiwe bese ichitha ngezikhathi ezithile ngesonto.
Incaciselo yokuthi inkampani izoyithola nini inkokhelo.
Kumele sisho futhi ukuthi umasipala unelungelo lokuhlolaumsebenzi wenkampani ukuqinisekisa ukuthi yenza lokhoemele ukukwenza na. Uma umsebenzi ungenziwe ngendlelaegculisayo, umasipala unelungelo lokuthatha izinyatheloezithize.
Umsebenzi obaluleke kakhulu kamasipala ngesikhathikusetshenzwa ukwelusa umsebenzi ukuqinisekisa ukuthi zifezekileyini zonke izidingo kanti futhi nabantu bathole ingxenye nesimoesifanelekile somsebenzi.
Seluse njalo ngenyanga ukwenziwa komsebenzi inkontilekangaphansi kwesivumelwano.
Imiphakathi nezinhlangano zawo ineqhaza elibaluleke kakhuluekuhleleni nasekusebenzeni kwamaMSP.
Ukusiza umasipala ukuthatha isinqumo esiyiso sokuthiimiphi imisebenzi okumele yandiswe futhi ithuthukisweikakhulukazi ngesikhathi sokuhlela bese ugcizelela ukuthiumkhandlu ubonisane nomphakathi ngesikhathi uthathaisinqumo.
Imiphakathi noma abakhulumeli bangadlala indimaekulinganisweni kwenkampani ezimele engakhethwa, ekungeneleni kwemiphakathi ekwenzeni imisebenzinasekulusweni kwemisebenzi yezinkampani ezizimele.
Ngaphambi kokuthi umasipala angenele isivumelwanonenkampani ezimele, umphakathi waziswe ezindabeni.
Inkampani ezimele ikhethwa ngesimo sethenda esezingenieliphezulu, ekufanele ingabandlululi, ivuleleke futhi ibenentengiso ekahle.
Ukuqinisekisa ukuthi imibono yabantu bendawo ibhekeliwe, nokuthi umkhandlu ubheke ngqo ekuthuthukiseninasekwandiseni imisebenzi lapho kudingeka khona kakhulubese uthola nentengo yemali.
Iziphi izindlela zeMSP ezisetshenziswa umasipala wakho?
Iliphi iqhaza elabanjwa ikomidi lakho lesigceme kulenqubo?
Ubani okumele akhokhele izinsiza?
Yini indima edlalwa ikomidi lesigceme kuloluhlelo?
Ngokuhle kakhulu umasipala uyafuna ukuthola umvuzokwimiphakathi yasekhaya ayisebenzelayo, owanele inani lezinsizaabazinikezayo. Lokhu ngesinye isikhathi kuthiwa ukukhokhelwakukaHulumeni wasekhaya futhi kuyabonakala esabelweni sezimalizikamasipala.
Ngendlela nathi singabazali ababophezekile sikhokhela izintoezifana nentela yendlu, ugesi kanye namanzi, ukudla, yimfundofuthi kufanele senze isabelo sezimali emholweni yethu ukuqinisekaukuthi sizikhokhele lezizidingo. Umasipala kufanele abe nesabelosezimali ukukhombisa ukuthi ungamelana nezindleko zokunikezaizinsiza emiphakathini ozisusela emalini oyitholayo.
Umasipala unemithombo emithathu yokuqoqa izimali. Lena, iyona eletha kakhulu izimali ozidingayo ukuze wenze imisebenziyawo. Inkokhelo yomsebenzi, intela yendawo kanye nokukolekwakwezinhlawulo.
UHulumeni wasekhaya uyisigaba sikahulumeni esisondelenekakhulu nomphakathi. Lesisigaba sikaHulumeni sinesibophezelosokuletha izinsiza ezidingakalayo lezo ezidingwa umphakathi, njengamanzi, imiphambo yendle kanye nokuthuthwa kukadoti.
Umbuzo ukuthi: iqhamuka kuphi imali yokukhokhela lezizinsiza?
Impendulo ilula, ivela emphakathini lowo othola lezozinsiza.
Kodwa-ke akwanele ukutshela abantu ukuthi kumele bakhokhe, umasipala kumele atshele abantu ukuthi imalini okumelebayikhokhe futhi bakhokhelani. Ama-akhawunti ezinsiza, lawoathunyelwa kubathengi akhombisa ukuthi bakweleta malinikumasipala, kumele aqonde ngqo, aqondeke kahle futhi abenayoyonke imininingwane. Kumele alungiswe bese ethunyelwangosuku olufanayo njalo ngenyanga. Kubalulekile futhi ukuthiumasipala ukhombise ukuthi ungaphendula ngezimali eziqoqiwefuthi ungaziphatha kahle.
Inselelo uHulumeni wasekhaya abhekene nayo ileyo yokuthikumele abe sesimeni esihle sezimali futhi esilondolozekayo.
Ngaphandle kokuthi omasipala babeke futhi bagcine izinhlelozokuphatha izimali ezifanele, lenselelo iyoqhubeka ukuba inhlosoengafezeki.
Kunciphise ukungakhokhi futhi kukhombe nabangakhokhi.
Ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uphathwa ngendlelaengabandlululi futhi esebenza kahle.
Izinqubo nezindlela zokuqondisa abakweletayo.
Izinqubo nezindlela zokuqoqa izikweletu.
Ukuhlinzekela abakweletayo abantulayo okuhambisananezinqubomgomo zenhlawulo nentela yakho kanye nanomaiyiphi inqubomgomo kazwelonke ngabantu abantulayo.
Inzalo kokusalele ekukhokhweni lapho kufanele.
Ukungezwa kwesikhathi sokukhokhela am-akhawunti.
Ukumiswa noma ukuthibela izinsiza uma inhlawulo isalele emuva.
Ukusetshenziswa kwezinsiza ngokungemthetho, ukwebakanye nokulimaza.
Izinqubo zokuqondisa abakweletayo kumele zingabandlululifuthi kube lula ukuziqonda futhi zisebenze ngokulinganayokubantu bonke.
Uhlelo lokuqondisa abakweletayo kumele lube bukhali, luqeqesheke futhi longe.
Uma lokhu kwenzeka, ukubuya kwezimali kwabakweletayokungaba ngcono.
Agqugquzele okushiwo ngabathengi ngezinga lezinsizaezinikezwa umasipala noma abasebenzela umasipala.
Anikeze abathengi ulwazi oluqondakala kalula ngezindlekozezinsiza zikamasipala, izizathu zokuthi abathengibakhokhele izinsiza, nokuthi imali eqoqwayo ngalendlelaisetshenziselwani.
Aqinisekise ukuthi umphakathi wazi ngokugcwele ukuthiazikho izinsiza zamahhala. Ngesinye isikhathi kunezinsizaezixhasiwe zabampofu.
Abone ukuthi abathengi bathola njalo ama akhawuntiaqondile akhombisa izibalo ngokuphelele ngamananiakweletwayo.
Anikeze abantu abafuna ukubuza nga akhawuntinokubhalwe kumamitha indlela elula yokufinyelela.
Anikeze izinqubo zezikhalazo ezinika zabantu izimpenduloezisheshayo.
Abone ukuthi amaphutha kuma akhawunti alungiswamashishane.
Abhekane nezikhalo ngokushesha futhi anikeze izimpendulonezisombululo ezisheshayo.
Aluse ukuqeqesheka uma kuphendulwa imibuzo nezikhalozabathengi.
Athole izindlela ezilula zokuthi abantu bakhokhele ama akhawunti abo.
Noma ubani okweleta umasipala imali ungumkweleti futhikufanele afakwe emarekhodini abakweletayo.
Ucwaningo lweminyaka kanye nama akhawuntiasedlulelwe isikhathi sokukhokhelwa.
Lokhu kujwayele ukufaka ukumiswa kwezinsiza kulowomthengi.
Insiza emisiwe ayinakuvulwa futhi kuze kukhokhwe yonke imaliesalele, kanye nengezwa ngenxa yokudlulelwa isikhathi, izinhlawulo kanye nentengo yokuqalisa insiza.
Uma umthengi engaphumeleli ukukhokhela i akhawunti yakheinsiza isivaliwe, umasipala kumele aqalise uhlelo oluhlelekilelokuqoqa izikweletu, okungagcina sekuthathwa izinyathelozomthetho.
Umthengi, ngezimo ezithize, angalungisa nemenenja kamasipalaukukhokha imali esalele ngesikhathi esithize. Umnyangowezezimali kamasipala unganikeza ulwazi olusha ngezinquboezidingakalayo.
Uma ngabe yonke imizamo, ngokwenqubomgomo, ingaphumeleli, umthengi kumele adluliselwe kubameli bakamasipala ukuzekuthathwe izinyathelo zenkantolo.
Umasipala uyobe esekhokhelwa kulemali eqoqwe endalini beseumnikazi athole lokho okuyobe kusele.
Omasipala banelungelo lokufaka inzalo kuma akhawuntiasedlulelwe isikhathi. Isilinganiso sijwayele ukubekwa ephesentinielilodwa ngaphezu kwesilinganiso semali umasipala anayoebhange.
Ukuxhumanisa okungemthetho nokuganga ngemishini yokukala.
Ukuxhumanisa ngokungemthetho kuyajeziswa ngokomthetho.
Izigangi kumele zibikwe emaphoyiseni zibekwe icala lobugebengu.
Ukuganga ngemishini yokukala nakho akuvunyelwe. Umasipalaunamandla okubeka inhlawulo kulowo obeganga.
a Umkhandlu unganikeza nje kuphela usizo lwezinsiza kubathengi 'abantulayo abahlala kuleyondawo kamasipala.
Ukuphathwa kwenqubomgomo kumele kuqeqesheke futhikonge uma kwenziwa.
f Umholo noma imali engena emndenini ehlanganisiweiyobhekwa.
Uqeqesho lwamakhono nenye imfundo eqondenenaloluhlelo kumele lulethwe ukuthuthukisa abantulayoukuze bakwazi ukuzimela ngalokho-ke kunciphe isibalo.
Umasipala ngamunye ubeka izinkambiso zakhe, ezidingekayoukuze akwazi ukuphendula ngokugcwele ngezinqumo zakhe.
Isicelo somxhaso senziwa ngegama lomuntu, kodwaizinkambiso zokuvumeleka zithinta umndeni wonkana.
Lokhu kusho ukuthi uMasipala uzibheka izimo ezihlangenezabobonke abantu abahlala kulowo muzi.
Imindeni kuphela efaka isicelo emafomini abekiwe futhiabagcina izinkambiso abangavumeleka oxhasweni.
Umholo ohlanganisiwe wamalunga omndeni alowo ocelayokumele ube ngaphansi kwenani elibekwe uMasipala.
Umasipala kumele anqume izinga loxhaso oluzonikezwa. Izingalibekeke engxenyeni elingene yesabelo leyo ebekelwe uxhasokanye nalelonani umkhandlu alilungiselele, esabelweni sakhesezimali (lokhu kungaba ingxenye yoxhaso ehlanganisiweyezinsiza ezifanele). Ngakho-ke izinga elilinganisiwe lomxhaso, ngale kwamanzi amahhala nenqubomgomo ngogesi obekwaumkhandlu, kumele liqokelwe izinsiza ezidingakalayo ngayinye, kulezi ezingezansi.
Umkhandlu kuyothi njalo emva kwezinyanga eziyisithupha ubhekeizinga lomxhaso kuye ngokwesibalo sabafake izicelo.
Eminye imikhandlu ingaze ibuye ivumele izicelo ezinomthelela ngemuva.
Kwezinye izimo umkhandlu idinga ukuthi abahlali bayo ngendlelaebekiwe bafakwe kwirejista yabantulayo.
Inselele yokuphinda kufakwe isicelo ngasososnke isikhathi, ezimweni ezinje ukuze kuqhubeke usizo noma ukuletha ushintshoesimweni ihlala phezu komndeni.
Ezimweni lapho uxhaso lwabantulayo lwenziwa ngokubekwakwezintela zempahla, izintela ngokwazo ziba indlela yokuqondisa.
Azikho ezinye izindlela zokuqondisa ezidingakalayo kulezizimo.
Kulezozimo lapho abahlali kumele bafake isicelo sosizolwabantulayo izindlela ezithize zokuqondisa kumele zibekweendaweni.
Ocelayo kungabuye kufanele avume ukuthi umkhandlu unswinyekokubili, inani kanye nezinga lezinsiza ezinikezwayo.
Noma iziphi izinyathelo esiyothathwa wumkhandlu.
Ukuvulwa kwecala lokukhwabanisa kulawo obethola.
Imiphakathi iyoba manqikanqika ukukhokhela izinsiza umangabe ukuhanjiswa kwezinsiza kubonakala kuntenga ntenga.
Emoyeni wokuqwashisa umphakathi amakomidi ezegcemekufanele athathe indima yokudala ubudlelwane obuhle besebeqiniseka ukuthi imiphakathi iyaqonda ngezezimali zikamasipalabese beba umgudu wokuxhumana mayelana nokuthi umthethowokusiza abampofu ungabasiza kanjani nokuthi usebenzakanjani.
Yimiphi imithetho futhi kwenzekani uma abantu benikezaimininingwane engelona iqiniso ukuthola usizo?
Endimeni yokuba amalungu amakomidi esigceme kufanelebazi abantu babo futhi bazi izimo zabo futhi kufanele babe sesimweni sokusiza umasipala ekwenzeni ukuthibonke abamele ukuthola bayaluhlomula usizo.
Kufanele basize ekwaluseni lomthetho bese becwaningaizicelo ukuqiniseka ukuthi imininingwane enikeziwe iyiqinisongakhoke futhi kunciphise ukuvunywa kosizo lwabampofuokungelona iqiniso.
Iziphi izinkokhelo ezinziwa imiphakathi kumasipala futhi kungani?
Iziphi izinkinga ezibhekene nomphakathi wakho mayelananokungakhokhelwa kwezinsiza?
Ingabe umasipala wakho unayo yini inqubomgomo yoxhasolwabantulayo?
